Ulimale kabi oshayise ubonda phakathi kwamabili eThekwini

2017-11-19 16:02

eThekwini - Kusolakala ukuthi useminyakeni yo-18 ubudala owesilisa olimale kabi ngesikhathi eshayisa udonga.

Lokhu kwenzeke ngoMgwibelo ebusuku emgwaqeni uNorth Coast eRedhill.

Abezimo eziphuthumayo babizelwe kulendawo ngo-00h00 behambisana nabezisishamlilo okuyibona abasize ngokulula imoto bakhipha lo wesilisa.

Lo mlisa ubesesimweni esibucayi kakhulu kanti uphuthunyiswe esibhedlela i-Addington.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe owesilisa phambi kwankosikazi nengane

Kwesinye isigameko esenzeke ngoMgqibelo ebusuku, abezimo eziphuthumayo babizelwe eWindermere lapho kudutshulwe khona owesilisa.

Lo mlisa oseminyakeni ka-30 utholwe ngabosizo oluphuthumayo enenxeba lokudutshulwa ngo-21h00 ebusuku esevenini.

Lo mlisa udutshulwe emlenzeni, ulashelwe lapho atholakale khona ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 14-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-22°C Showers early. More clouds than sun. Mild. PE: 12-20°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...