Ulibhunyele ngekhemikhali isoka elilobole enye intombi

2017-03-10 19:31

eNtshanga - Ubanjiwe eseyogibela ibhasi esiteshini esikhulu sezokuthutha eThekwini osolwa ngokubulala isoka lakhe emuva kokuba kuzwakale ukuthi selilobola kwenye indawo.

Lo wesifazane waseTintown eNtshanga kuthiwa ubehlala nalo leli soka.

Lezi zithandani zihilizesane ekhaya lazo ngoLwesine nokuyilapho intombi ibhunyele isoka ngekhemikhali labucuka isikhumba.

Umufi uze watholwa izihlobo egoqwe ngombhede ofuthwayo “Sleeping bag” eseshonile emuva kwasofa endlini yabo lapho abahlala khona eboshwe khona ngentambo ezandleni nasezinyaweni.

OLUNYE UDABA:Umbono: Uzwa kanjani ukuthi intombi yakho ibilele nomunye umuntu?

Amaphoyisa aphuthume kule ndawo aqala uphenyo lwalo ethungatha lo wesimame.

Ngokusho kwemithombo yeKZN Eyethu kukholakala ukuthi umsolwa ubesefuna ukulishiya elakuleli njengoba ebanjwe esiteshini samabhasi ephethe iPassport yakhe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Isangoma sase-KZN sisolwa ngokudlwengula

Emizuzwini eyi-31 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-25°C High level clouds. Warm. Bloem: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...