ULesufi uzodalula imiphumela yophenyo lwabafundi besikole sasePitoli

2016-11-30 08:32

Johannesburg - UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng uPanyaza Lesufi uzobamba isithangami sabezindaba ngoLwesithathu mayelana nemiphumela yophenyo lwezinsolo zokucwasana ngokwebala esikoleni samabanga aphakeme santombazane ePitoli, iPretoria High School.

Ngo-Agasti nonyaka abafundi abanebala elimnyama babhikishela imithetho yesikoleni ebavimbayo ekwenzeni noma yini ngezinwele zabo.

La mantombazane athi imithetho yesikole iyawamqabela ukuba abe nezihluthu, aluke amagodsa, enze imiyeko, noma aluke amasingili.

OLUNYE UDABA: Abafundi basePretoria Girls High School bathi sekwanele ngokucwaswa

Ngokomqulu wemithetho yalesi sikole osekhasini lika-36, kuvumelekile ukuthi la bafundi baluke amasingili, i-straightback noma imiyeko uma ingu-10mm.

Zonke izinwele kufanele zikanywe zibhekiswe emuva noma ziboshwe, zingasithi ubuso.

Amasingili amade kufanele ahlezi eboshelwe emuva kanjalo ne-starightback futhi silukwe sibhekiswe emuva. Lezi zitayela akumele zihlotshiswe noma zifakwe ubuhlalu ekhanda.

"Akuvumelekile ukudaya izinwele nokuzigunda izitayela.

"Amasingili kufanele alingane futhi afane nezinwele, amasingili amade kufanele aboshelwe emuva," kufundeka le mithetho.

Akukho lapho okubhalwe khona ngesihluthu.

La bafundi baqhuba ngokuthi abavumelekile ukukhuluma izilimi zabo uma besemagcekeni esikole futhi bona babizwa ngezinkawu uma becula esikoleni.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...