Ulaxaze umsebenzi wazama nokuzibulala oneziqu zomgunyathi
2017-02-28 07:01
Durban – Liphuze inqwaba
yamaphilisi lizama ukuzibulala iphoyisa lomgwaqo ebelisebenza kuMasipala
waseMsunduzi, eMgungundlovu, maphakathi neKwaZulu-Natal.
Leli phoyisa kuthiwa libanjwe
ngabaphathi balo ukuthi linesitifiketi sikamatikuletsheni esiwumgunyathi.
ILANGA libike kabanzi
emasontweni edlule ngodaba lukaNalenhle Thabi Sabela, obeyiphoyisa lomgwaqo
okuvele ukuthi uphuthunyiswe esibhedlela ebanjwe yingcindezi ngemuva kokuvela
kwamahlazo okuthi unomatikuletsheni owumgunyathi.
Imithombo yeLANGA engashayi
eceleni – engaphakathi emaphoyiseni iveze ukuthi ngemuva kokuhluleka ukuzama
ukuzibulala, unqume ukufaka incwadi ephuthumayo yokwesula emsebenzini.
USabela ulahlwe ngelakubo
ngesikhathi ezama inhlanhla yokuba anyuselwe kwelinye izinga ngokomsebenzi
awenzayo njengoba bekuvele izikhala.
OLUNYE UDABA: Baningi abake bacabange ukuzibulala
Imithombo ithi ngemuva
kokubanjwa, ecishe washayeka phansi wahlaselwa wukugula okugcine ngokuthi
aphuthunyiswe esibhedlela ngenxa yengcindezi.
Lesi sitifiketi useithenge
kuthisha thizeni ngakubo eBulwer, maphakathi neKwaZulu-Natal ngoba enenkinga
yokuthi akawuphasanga umatikuletsheni – kanti bekuphume izikhala zemisebenzi
edinga abantu abanomatikuletsheni emaphoyiseni.
Indaba kaSabela ibikhulunyelwa
phansi emaphaseji lapho abesebenza khona ngoba bonke ozakwabo bebazi ukuthi
ufake isicelo sokunyukela kwenye irenki.
ILANGA likhulume namalunga
omndeni wakhe zwakalise ukudumala ngesinqumo sendodakazi yawo sokuzama
ukuzibulala nokulaxaza umsebenzi ngoba ingafuni ukuveza igama likathisha
oyidayisele lesi sitifiketi.
Athi ngemuva kokuba esephumile
esibhedlela, abe nomhlangano naye amncenga ukuba aveze lo thisha ukuze
ezobhekana nengalo yomthetho.
Imizamo yokuthola uSabela
kayiphumelelanga kanjalo neyokuthola iMeya yaseMsunduzi, uThemba Njilo, ukuba
aphawule iphunzile njengoba ucingo lwayo belukhala lungabanjwa.
- News 24