Ulale okokuqala ejele owabulala umkakhe esayiphoyisa

2017-08-23 12:31

Johannesburg – Ngemuva kweminyaka emithathu adubula wabulala umkakhe elele, lowo owayeyiphoyisa u-Edward Fox uchithe ubusuku bakhe bokuqala ejele.

NgoLwesibili, uFox ulahlwe yicala lokubulala umkakhe uChe ngenhloso wabe esenqatshelwa ibheyili njengoba kusalindwe isigwebo.

Watshela inkantolo ukuthi umkakhe wabulawa yisigebengu, kodwa uJaji Kobus Strijdom ukuchithile lokhu wathi kungamanga.

Ijaji lithe uFox waphazamisa ubufakazi endaweni yesigameko ukuze ezokwazi ukweseka amanga akhe.

Ufox watshela inkantolo ukuthi isigebengu sadubula umkakhe ngoNovemba 2014.

OLUNYE UDABA: Kweqe iziboshwa ziphuma enkantolo

Wathi isigebengu sadubula singaphandle egcekeni, umkakhe wadubuleka ekhanda elele.

Kodwa uchwepheshe wezibhamu uthe kuyabonakala ukuthi isibhamu saqhuma ngaphakathi ekamelweni.

Inkantolo ithole ukuthi umsolwa wadubula umkakhe wabe eseya ngaphandle kwendlu, wafike wadubula khona ebhekise ewindini.

Selokhu kwabulawa umkakhe ngo-2014, uFox ubengakaze angene ejele.

Kulindeleke agwetshwe ngo-Okthoba.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...