Ulahlwe yicala lokushaya u-Andile Lungisa we-ANC

2018-04-17 13:59

Port Elizabeth - Owe-ANC e-Eastern Cape u-Andile Lungisa ulahlwe yiNkantolo yeMantshi yasePort Elizabeth ngecala lokushaya ngenhloso yokulimaza namuhla (ngoLwesibili).

ULungisa owaliphika icala, ubesolwa ngokushaya lowo owayeyilingu lekomidi lemeya uRano Kayser ngojeke oyingilazi ekhanda ngesikhathi kuqhubeka umhlangano wamakhansela eNelson Mandela Bay ngo-Okthoba 2016.

Ebufakazini obukhishwe wumshushisi uWyne Ludick i-video eyaqoshwa yikhansela le-DA, uRenaldo Gouws, itshengisa uLungisa eshaya uKeyser ekhanda ngojeke oyingilazi ngaphambi kokubaleka ngesikhathi esebona uKaysre eshayeka phansi.

UKayser walimala kanzima ekhanda nasentanyeni.

OLUNYE UDABA:Kulindeleke inkantolo ikhiphe isinqumo ngowe-ANC osolwa ngokushaya owe-DA

ULungisa ngokuhamba kwesikhathi wethule ubufakazi wathi wayezizwa engaphephile njengoba ayesatshiswa ngaleso sikhathi wabe esezivikela.

Osolwa noLungisa, uGamalihleli Maqula, naye ubebhekene necala lokushaya ngenhloso yokulimaza ngezinsolo zokugwaza uSotswebhu waseNelson Mandela Bay uWerner Senekal emhlane ngalo usuku lomhlangano.

UMaqula utholwe engenacala ngemuva kokufakwa kwesicelo ngaphansi kuka-section 174 weCriminal Procedure Act.

Ngemuva kokulalela izethulo zokugcina zazo zombili izinhlangothi, iMantshi uMorne Cannon uthole uLungisa enecala. 


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...