Ulahlwe yicala lokubulala intombi owayeyishosha

2017-08-18 09:32

Johannesburg – Owesilisa waseSoweto owayeyisosha elabika ngokuduka kwentombi yalo ngemuva kokuba eyibulale washisa isidumbu sayo, ulahlwe yicala eNkantolo eNkulu yaseGoli ngoLwesine.

UMahluleli Leicester Adams uthole ukuthi uZwelebantu Themba Ngubeni unecala lokubulala, ukuphazamisa ingalo yomthetho, ukutholakala nezinhlamvu ngokungemthetho kanye nokushisa isidumbu.

U-Adams uthe uNgubeni ubengeyena ufakazi oqotho kuleli cala futhi ubelokhu ezama ukulungisa ubufakazi bakhe ngaso sonke isikhathi uma esebona ukuthi uyazibophisa ngakushoyo.

Kanjalo kunezinye zezinto azishilo ezishayisanayo.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe abayisithupha abasolwa ngokuduna izimoto eMlazi

"Wamthela ngophethiloli, wamshisa. Wahamba endaweni yesigameko isidumbu sisasha,” kusho u-Adams.

UNgubeni wabulala uZestah September eSoweto ngoDisemba 2015, ngemuva kokuvuma ukuthi wayemjolela.

Ngesikhathi kuqhubeka icala, uNgubeni watshela inkantolo ukuthi ngemuva kokuhilizisana kwabo, yena waquleka wavuka esemklinye wafa uSepember.

Laba bobabili babehlala ndawonye ngaleso sikhathi. UNgubeni wayesebenzela iSA National Defence Force (SANDF). 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 18-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 18-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...