UKwankwa uyalelwe ukuba akhokhe u-R8 000 wesondlo sengane

2017-07-18 14:02

Durban - USotswebhu we-United Democratic Movement uNqabayomzi Kwankwa uyalelwe ukuba akhokhe imali yesondlo sengane yakhe.

Lokhu kuvezwe yinkantolo enkulu yaseWestern Cape ngemuva kokuthi lowo owayewumkakhe emsole ngokuhluleka ukondla indodakazi yabo.

Inkantolo ithi uKwankwa uhola imali engaphezu kuka-R80 000 ngenyanga njengoba eyilungu lePhalamende ngakho-ke kumele akhokhe imali elinganiselwa ku-R8 000 (nokungu-10% weholo lakhe).

Ngaphezu kwalokho, uyalelwe ukuba akhokhele izindleko zomkakhe zaleli cala ezingu-R45 000. Le mali angayikhokha kabili afake u-R20 000 bese abuye akhokhe u-R25 000.

OLUNYE UDABA:Owe-UDM ushiye umkakhe wakhetha umakhwapheni

Kuthiwa kumele akhokhe isondlo sale ngane eneminyaka engu-9 ubudala ize ibe neminyaka engu-21 ubudala.

Ngesikhathi abe-Sunday World bezama ukuxhumana naye, wacela ukuba intatheli imthumelele imibuzo kodwa wangayiphendula.

Ngokwamaphepha enkantolo abonwe yileli phephandaba, lo mlisa uyalelwe nokuthi aqhubeke nokukhokhela umuzi osekuhlala kuwo owayengumkakhe ngoba uhlala nendodakazi yabo futhi akhokhele ne-medical aid yengane.

Owayengumkakhe utshele inkantolo ukuthi uKwankwa wayekhokha isondlo sika-R1 500 ngenyanga futhi wavala iDSTV kanye nezokuphepha ezihlinzekwa ngabe-ADT ekhaya labo elisedolobheni eKapa.

Kuthiwa lo mlisa wayengasayikhokhi nemali yesikole sekuthunyelwa izincwadi zokuthi ingane izoxoshwa esikoleni, kodwa ubebonakala epepenyeka ezinkundleni zokuxhumana ezincoma ngokuba wubaba oqotho ezinganeni zakhe eziyisithupha.

“Awuke ucabange ukuthi kubuhlungu kanjani ukubona umuntu etsaka kuFacebook kodwa ngapha sekuphele izinyanga ezine engakhiphi ngisho isenti,” kusho yena.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...