Ukusondezwa kokhetho yikho okuzosiza izwe uma uZuma ekhala ngaphansi – DA

2017-08-01 19:29

Cape Town - IDemocratic Alliance ePhalamende ithi kungalisebenzela izwe ukubamba ukhetho ngaphambi kwesikhathi uma uMengameli Jacob Zuma ekhishwa emandleni uma sekuvotelwa ukungamethembi.

USotswebhu we-DA uJohn Steenhuisen nesekela lakhe uMike Waters babambe isithangami sabezindaba ngoLwesibili bezwakalisa izinhlelo zeqembu ePhalamende njengoba kungenwa ekoteni yesithathu.

Ngesikhathi kubuzwa imibuzo, uSteenhuisen uthe umholi weqembu, uMmusi Maimane, wazwakalisa ukuthi i-DA ingathanda ukuthi kusheshe kube nokhetho uma kungukuthi uZuma neKhabhinethi lakhe bayaketulwa ngomhlaka-8 Agasti.

“I-ANC ayibhekene nje kuphela nenkinga enguJacob Zuma, kepha ibhekene nenkinga eyi-ANC,” esho ecaphuna uMaimane.

Uthe uma kungase kuphumelele ukuvotela ukungamethembi uMengameli “kuyolisiza izwe ukuthi libambe ukhetho ukuze kukhethwe uhulumeni omusha”.

OLUNYE UDABA: Nakhu okuzokwenzeka uma liphumelela ivoti lokungamethembi uZuma ePhalamende

IKhabhinethi kaZuma izophoqeleka ukuba ihlakazwe uma ukuvotela ukungamethembi kwakhe kuba yimpumelelo, bese uSomlomo uBaleka Mbete eba nguMengameli izinsuku ezingu-30. Uzobe enawo wonke amandla futhi enza yonke imisebenzi eyenziwa nguMengameli. Naye kumele athathe izifungo, eqinisekisa ukwethembeka kwakhe kubantu baseNingizimu Afrika kanye nakuMthethosisekelo. 

INhloko yamaJaji, uMogoeng Mogoeng, kumele anqume isikhathi nosuku kungakapheli izinsuku ezingu-30 kuvuleke isikhala ukuze iPhalamende likhethe uMengameli omusha kumaLungu alo. Uma bengaphezu koyedwa abagaqele isikhundla sokuba nguMengameli, lokho kuzokwenziwa ngevoti eliyimfihlo.

UMogoeng, noma ijaji eliphakanyiswe uyena, yilona elizosingatha lolu hlelo. Uma ngabe umuntu eseqokwe waba nguMengameli, lowo muntu angeke esaba yiLungu lePhalamende.

Uma ngabe uMengameli omusha engakhethwa ezinsukwini ezingu-30, uMbete kumele ahlakaze iPhalamende likazwelonke bese kubanjwa ukhetho olusha lukazwelonke. 

USteenhuisen uthi ukholelwa wukuthi uMbete uzohudula izinyawo ekumemezeleni ukuthi kuzovotwa ngokuyimfihlo noma cha ukuze kube nesiphithiphithi ngalolo suku ePhalamende, bese kudungeka indaba kaZuma uma sekuvotwa.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...