Ukushaqeka owesifazane ezithela phezu kwemamba egcekeni

2018-04-21 14:30

Isakhamuzi zaseMnandi, eCenturion, sisale sishaqekile ngesikhathi sithola imamba emnyama engamamitha angu-2.78 egcekeni ngoLwesibili, kusho umbiko weCenturion Rekord.

Le nyoka, ebizithandele ocingweni olubiyele umuzi olusebenza ngogesi, itholwe ngumuntu osebenza engadini.

Le mamba emnyama iwuhlobo lwenyoka olunobuthi obuyingozi cishe ukuzedlula zonke izinyoka ezitholakala emazansi ne-Afrika.

Lezi zinyoka kazivamile ukubonakala eGauteng, ngokusho kukaDawie Van Eeden, osebenza ngezinyoka ngaphansi kwe-African Reptiles and Venom.

OLUNYE UDABA: Buka: Owesimame uthole imamba embhedeni wakhe - eThekwini

UVan Eeden nguye ojutshwe ukuba ayosusa le nyoka emzini walo wesifazane.

“Izinyoka eziyingozi ezijwayele ukubonakala eGauteng kubalwa kuzo ama-rinkhals, ama-snouted cobra, iMozambique spitting cobra namabululu,” esho.

Uthe usola ukuthi le nyoka iqhamuka eLimpopo, njengoba lo wesifazane eke wavakashela kulesiya sifundazwe ngempelasonto eyedlule.

 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...