Ukushaqeka isiguli siphuma izimpethu esibhedlela

2017-01-04 18:01

Port Elizabeth -  Kulandela ukuncenga amanesi izinsuku ukuba amshintshe amabhandishi, isiguli esilaliswe eLivingstone Hospital ePort Elizabeth sivuke ngoLwesibili umlenze ugcwele izimpethu.

UClint Morris, 40, walimala kanzima edlala i-scooter esikhathini esingangenyanga esedlule.

Kodwa ubengakulindele ukuba angabona izimpethu emlenzeni wakhe ngemuva kokuba amanesi enqabe ukumshintsha amabhandishi.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe isiboshwa ngokuphangwa kwesitolo

Isikhulu soMnyango wezeMpilo e-Eastern Cape Department of Health, uDr Thobile Mbengashe, ube esengenelela ngemuva kokubona izithombe sezilonda, wathembisa ngokwenza uphenyo.

UMorris uthi izolo ubengazizwa kahle nokuthe uma ebuka umilenze yakhe wabona izilwanyana zimhamba.

Uthi nakuba esewakhombisile amanesi, amlindise imizuzu engu-90 ngaphambi kokuba enze okuthile, kubika iHerald.

- Herald

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Rain early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-21°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 4-17°C Passing showers. More clouds than sun. Refreshingly cool.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 12-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...