'Ukufunda yiyona ndlela yokuthuthukisa isizwe sethu'

2017-08-18 16:01

Durban - UNoxolo Khanyile oneminyaka engu-30 ubudala  owakhulela eMgungundlovu wahlala khona waze waqeda umatikuletsheni wafunda wagcina enyuvesi, iDurban University of Technology enza izifundo zeTranslation and Interpreting Practice.

UKhanyile njengamanje usebenzela inkampani yokushicilela eseMgungundlovu kanti futhi usebenza kakhulu ngezilimi zesintu.

"Umsebenzi engiwenzayo ngiwuthokozela kakhulu, ikakhulukazi njengoba ukufunda kuyiyona ndlela yokuthuthukisa isizwe nezwe lethu.

"Angizisoli nakancane ngomsebenzi engiwenzayo, empeleni usuku nosuku ngisuke ngilangazelele okusha nokungenza ngihlale ngithokozile emkhakheni engikuwo," echaza.

OLUNYE UDABA: ISecret of Success igubha inyanga yabesifazane

Elandisa uthe inyanga yabesifazane isho lukhulu kuye njengoba kusuke kubungazwa ubuqhawe nobuhlakani balabo besifazane ababamba imashi belwa nengcindezelo ngo-1956.

"Lesi senzo sabo asigcinanga ngokunikeza bona kuphela inkululeko kepha kwaba nomthelela omuhle ngisho nasesizweni sonkana.

"Imashi abayibamba yasikhulula sonke njengabantu abansundu baseNingizimu Afrika. Ngingowesifazane osemncane kungenza ngiziqhenye ngobulili bami nangalaba besifazane ababamba iqhaza elikhulu kangaka," esho.

Uqhuba athi: "Uma ngingase nginikezwe ithuba lokuqinisekisa ukuphepha kwabesifazane ngingaqinisekisa ukuthi wonke umuntu wesifazane wenza izifundo zokuzivekela, bese ngibagqugquzela ukuba bazimele, uma kwenzeka bebhekana nesimo sokuhlukumezeka benze isiqiniseko sokuthi abathuli (bagcine beyizisulu nje) kepha bathathe izinyathelo zomthetho, babike emaphoyiseni ukuze bezothola usizo."

Uthe ukholelwa ukuthi isikhathi esiphila kuso sesihlukile kunakuqala lapho kwakuba yichilo ukukhuluma ngokuhlukumezeka, ngakho-ke angagqugquzela kakhulu abesifazane ukuba babhukule balwisane nokuhlukunyezwa futhi besekane.

Uthi kubalulekile ukuthi abesifazane baziqhenye ngalokhu abayikho.

Uthe eminyakeni emihlanu ezayo uzibona ezingeni eliphakeme kunaleli akulo ngokwemfundo.

"Ngizibona ngenza izinkulumo ezithuthukisa isizwe sethu ngokugqugquzela ubumbano, ukuzigqaja ngobuwena kanye nokutshela abantu abasha ngokubaluleka kwemfundo," ephetha.





- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C Scattered showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 19-28°C High level clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Numerous showers. Cloudy. Mild. PE: 14-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...