Ukubuya kukaWinnie Madikizela-Mandela emshadweni kwasisiza kakhulu - Umndeni

2018-04-10 14:01

eThekwini - Umndeni wengqalabutho yomzabalazo esanda kudlula emhlabeni, uNkk Winnie Madikizela Mandela eMbizana e-Eastern Cape uthi ukubuya kwakhe emshadweni wakhe nalowo owaba nguMengameli wokuqala omnyama kuleli naye owaba yiqhawe eladonsa iminyaka ejele lilwela intando yeningi uDkt Nelson Mandela kwabasiza kakhulu ngoba ngale kokuba umuntu wesifazane kodwa ube yinsika yekhaya.

La mazwi akhulunywe abashana wakhe uMnu Thembelani Madikizela kanye noMnu Zanoxolo Madikizela abebenikwe ithuba lokukhuluma ngaye umama wesizwe emcimbini wokumkhumbula esifundazweni sase-Eastern Cape lapho kukhona kuna noMengemeli wakuleli uMnu Cyril Ramaphosa.

“Sabezwa nje abantu bekhuluma izinto eziningi ngaye ukuthi wehlulekile emshadweni, ushiywe yindoda, kodwa thina kasizange sikubheke kanjalo lokho kodwa sakuthatha njengenhlanhla ngoba ubeyindoda yekhaya. Kayikho neyodwa into ebesiyenza ekhaya angafuni ukuyitshelwa ngisho nomcimbi weyingane wayefuna simtshele ngayo” kusho umshana.

OLUNYE UDABA:Umholi we-IFP uthi uMadikizela-Mandela 'wayelishaya ibhodwe'

UThembelani uthe bewu mndeni kabazange babe abantu ababegaqele izikhundla, udumo kepha bangabantu abafundiswa umama uWinnie ukusiza noma ubani odinga usizo ngale kokubheka izibongo zalabo bantu abadinga usizo.

“Nakuba odadewabo u-anti (UNkk Winnie) basashadile kodwa ngokuthi sakujabulela ukubuya kwakhe emshadweni kasisho ukuthi sifisa ukuthi nabo babuye” kukhuluma umshana.

Uthi okubaphatha kabi ukuthi ushone efuna kube nomhlangano womndeni umama uWinnie abangazi ukuthi wayefuna ukukhuluma ngani. Omunye umshana wakhe uZanoxolo ukubeke kwacaca ukuthi umama uWinnie ubasaziwa izinsizwa zendawo ngoba ubeyishaya induku esakhula elusa izinkomo.

Kuyimanje kulindeleke ukuthi uMengameli uRamaphosa ethule inkulumo yakhe phambili kwezihlwele eziyingxenye yomcimbi. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...