Ukhubeke wawa ebalekela ingozi oshayiswe yimoto washona

2017-07-23 16:00

Krugersdorp – Odayisa emgwaqeni ubebalekela ingozi ngesikhathi eshelela wazithela kwenye imoto.

Kuthiwa imoto ivele yaphelelwa amabhuliki endaweni eyehlelayo ngasePinehaven ngeSonto ekuseni.

Okhulumela abeNetcare 911 uNick Dollman uthi le moto iphaphalaze yayoshayisana nenye imoto emalobhithini.

“Owesilisa odayisa emgwaqeni ubone konke okwenzekile kanti ubezama ukubaleka kanti ngeshwa uzokhubeka wawa kuqhamuka imoto,” kusho yena.

OLUNYE UDABA:Ushonile umshayeli wetekisi edutshulwa ekhanda

UDollman uthe abosizo lokuqala abebekhona ngakule ndawo, baphuthume bazohlola isimo salo mlisa.

“Bazamile ukwenza i-CPR ngoba ubemelwe yinhliziyo ngaphambi kokuba bamphuthumise esibhedlela,” kuqhubeka yena.

Uthi odokotela kanye nabezimo eziphuthumayo bazamile ukulenga impilo yakhe sebesesibhedlela kodwa, ngeshwa abaphumelelanga.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showery. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...