UKhoza we-ANC ushone engozini eyenzeke ePaarl

2017-08-02 14:00

Cape Town – I-African National Congress ePhalamende isiliqinisekisile igama lelungu layo elishone engozini eyenzeke ePaarl ngoLwesithathu ekuseni.

"Sidumele kakhulu ngokunazisa ngokushona kukaComrade Timothy "TZ' Khoza namhlanje ekuseni engozini yemoto ePaarl," kusho okhulumela isigungu se-ANC ePhalamende uNonceba Mhlauli ngoLwesithathu.

"Engathi umphefumulo wakhe ungaphumula ngokuthula."

UKhoza ubeyilungu lePhalamende eliphuma eMpumalanga, ngaphansi kwesifunda saseHlanzeni, eNkomazi kanti ubeyilungu lekomidi lemfundo eyisisekelo.

OLUNYE UDABA: Kushone ilungu lePhalamende kwalimala amanye

UMhlauli uthe umndeni kaKhoza usubikeliwe ngokudlula kwakhe emhlabeni, yingakho igama lakhe selikhishiwe.

IPhalamende belisahlanganisa umbiko ngokwenzekile engozini ebulale uKhoza yashiya kulemele abanye abathathu.

UNomalungelo Gina we-ANC, Ian Ollis we-DA, noCynthia Majeke we-UDM, balimale kabi kule ngozi, kodwa basesimeni esethembisayo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...