Ukhihle isililo umama elalele ukuthi yabulawa kanjani ingane yakhe

2017-10-12 09:31

Cape Town - Umama wengane eyabulawa ngowayeyisoka lakhe uthi wayelithemba ngengane yakhe.

UShakiera Scott ukhulume nabezindaba i-Eyewitness ngemuva kokuba uPieter Van Tonder evume icala lokubulala indodakazi yakhe enonyaka owodwa ubudala.

Le ndoda, 37, yaseDelft yaboshwa ngoSpethemba ngonyaka odlule ngemuva kokushona kwa-Asheeqah Scott.

OLUNYE UDABA:http://isizulu.news24.com/NingizimuAfrika/Isoka-libulale-ingane-yentombi-20130128

UShakiera Scott ukhihle isililo enkantolo ngesikhathi iVan Tonder evuma icala  lokubulala indodakazi yakhe.

Le ngane yayilimele ekhanda nasemzimbeni.

Lo mama uthi ukuzwa ukuthi uVan Tonder wayibulala kanjani ingane yakhe kumuhlukumeze kakhulu.

Udokotela uLara Peddle ume ebhokisini lofakazi wakhipha imininingwane yamanxeba angaphezu kwangu-20 ayesemzimbeni wale ngane.

Amanye amanxeba kwakungawokusha, kubalwa nawokushiswa ngogwayi. Lo dokotela uphinde wathi isimo sempilo yale ngane besingesihle, ibingondlekile .

 - EWN

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

#ANC54: Ungubani uDavid Dabede Mabuza?

Emizuzwini eyi-8 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...