Ukhathazekile ngomfowabo odla izinja namakati

2018-04-19 14:00

Johannesburg - UNelson Didi, 45, waseFreedom Square eMangaung, eFree State uthi ukhathazekile ngomfowabo omncane, uSam, 36, ovele ahalele ukudla izinja namakati njalo uma edakiwe.

UNelson uthi wamxosha kubo uSam ngonyaka odlule ngemuva kokumbamba edla izilwane zakamakhelwane.

Utshele iDaily Sun ukuthi ucabanga ukuthi umfowabo udinga usizo.

“Umfowethu waboshwa ngoLwesihlanu ngemuva kokubanjwa ehlinza inja iphila, ezoyipheka,” esho.

UNelson uthi uSam ungumuntu olungile uma engaphuzile, kodwa uma nje eke wabuthinta, uvele aphenduke enye into.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe 10 abantu embhikishweni onodlame eNorth West

“USam waqala ukudla amakati nezinja eneminyaka engu-18 ubudala, kodwa wayeka waze wabuyela esephuza utshwala eminyakeni emibili edlule.”

Isikhulu sakwa-SPCA uReinet Mayer uthi bafica endaweni yesigameko bathola inja efile, kanti eminye yemilenze yayo yayiseceleni komgwaqo.

“USam wavuma ukuthi inja wayihlinza iphila," esho.

Wabe esevulelwa icala, waboshwa.

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Ikobeng Hlubi uthi umsolwa uvelile eNkantolo kaMantshi eBloemfontein kuleli sonto.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...