Ukhandwe ngamatshe washona ngezinsolo zokuzama ukudlwengula eThekwini

2017-10-24 18:01

Durban – Izakhamuzi zasemijondolo eseClare Estate, eThekwini, zikhande ngamatshe indoda yaze yashona ngemuva kwezinsolo zokuthi izame ukudlwengula intombazanyana, kusho amaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane, uthe le ndoda engaziwa ibulawe yiqulu labantu ngoMsombuluko ntambama.

Isidumbu sayo sitholwe esikhotheni endaweni yaseCato Manor, egaraji lakwa-Shell eduzane naku-M19.

OLUNYE UDABA:Ukhandwe ngamatshe wabulawa okhulelise ngaphandle

"Kusolwa ukuthi ngezithuba zabo-13:30, eClare Estate, indoda engaziwa okukholakala ukuthi ineminyaka ebalelwa kweko-40 ubudala ishaywe yabulawa ngamalungu omphakathi ngemuva kokuzama ukudlwengula intombazane eneminyaka eyisithupha ubudala," esho.

UZwane uthe amaphoyisa aseSydenham aphenya icala lokubulala.

Akukaboshwa muntu ngalesi sigameko.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...