Ukhale ngaphansi uDlamini-Zuma kumagatsha e-ANC eWest Rand

2017-11-16 14:06

Johannesburg – Abalandeli baNkosazana Dlamini-Zuma eWest Rand eGauteng bagqemeke ingozi ngesikhathi iPhini likaMengameli uCyril Ramaphosa liphakanyiswa ngamagatsha amaningi ukuba lithathe izintambo zokuhola i-African National Congress (ANC) ngoDisemba.

Abalandeli baDlamini-Zuma kulesi sifunda bahlanganisa uNgqongqoshe wezaManzi uNomvula Mokonyane, owezokuBusa ngokuBambisana uDes Van Rooyen noMgcinimafa we-ANC Youth League (ANCYL) uReggie Nkabinde.

Bonke laba behlulekile nokho ukunxenxa amagatsha ukuba aphakamise igama likalowo owayengusihlalo we-African Union Commission.

IMerafong ibambe imihlangano yamagatsha angu-23 (BGMs), iRand West angu-34 kanti iMogale City ibambe eyamagatsha angu-30.

OLUNYE UDABA: Inyuvesi yenza uphenyo ngokuputshuka kwephepha

UDlamini-Zuma uphakanyiswe yigatsha laseMerafong kuphela, kanti uRamaphosa yena uphakanyiswe ngamagatsha angu-22 eMerafong.

ERand West, uRamaphosa uphakanyiswe ngamagatsha angu-33, elilodwa laphakamisa igama likaDlamini-Zuma.

Wonke amagatsha angu-30 eMogale City aphakamise igama likaRamaphosa.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...