Ukhala ngempatho engeyinhle ejele umfundisi osolwa ngawocansi

2017-05-04 19:30

Johannesburg – Umfundisi odabuka eNigeria kepha ozinze eThekwini, osolwa ngokunukubeza ngokocansi amantombazane asemancane ngokweminyaka, ukhala ngokuhlushwa yiziphathimandla zakuleli.

Ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi yasePort Elizabeth kuhlaluke izinsolo ezithi lo mfundisi wayeqoqa abesifazane abagqume emzini wakhe oseMhlanga lapho ayebayalela khona ukuba bagile imigilingwane yocansi.

Izisulu lezi zazisonta ebandleni lakhe.

Inkantolo ngoLwesithathu iveze ukuthi lo mfundisi, 58, usezobhekana namacala awu-22 kulandela ukwengezwa kwawu-18.

OLUNYE UDABA: Uzogqunywa esitokisini umfundisi waseNigeria osolwa ngawocansi

Iphephandaba laseNigeria, iThe Guardian libike ukuthi lo mfundisi ubhalele uNgqongqoshe wezangaPhandle eNigeria uKhadija Bukar Abba Ibrahim‚ ekhalaza ngokuboshwa kwakhe nangendawo agcinwe kuyo.

Ukhala ngokuthi waboshiswa okomshokobezi kanti futhi ulala phansi ejele akukho “nesipontshi lesi” kanti indawo agcinwe kuyo inamakhaza ashubisa umnkantsha.

Uthi ojele banqaba ngesikhathi umndeni wakhe uzama ukumlethela ingubo yokulala.

Ngesikhathi evele enkantolo izinkumbi zabantu abamesekayo bebeyigxoba ngaphandle kwenkantolo bezwakalisa ukuthi lo mfundisi ubhecwa ngobubende inyama engayidlanga.

Igama lalo mfundisi lizokhishwa kuphela uma esevezile ukuthi uyalivuma noma uyaliphika na icala.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Partly cloudy. Mild. Pta: 17-29°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-24°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 16-26°C Numerous showers. Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...