Ukhala ezimathonsi owaqolwa ezama ukukhulisa 'induku'

2015-11-23 14:28

Johannesburg - Umlisa owayenamahloni, ezinyeza ‘ngenduku’ yakhe encane, wazama ukuyikhulisa ukuze athole ukuzethemba njengomuntu wesilisa.

Kuthe uma ebona isikhangiso mayelana nento engakwazi ukukhulisa induku yakhe,  wathatha isinqumo sokuyizama.

Kodwa namanje ‘induku’ yakhe isencane futhi usenamahlani kakhulu njengoba sekudlalwene ngaye nje.

Lo mlisa oneminyaka negu-37 ubudala wathatha uhambo elibhekise esangomeni esaziwa ngokuba ngukhokhovula kodwa wahlangana nabalisa ababili abathi basebenzisana naso lesi sangoma ayesifuna.

Lo mlisa waKwaNobuhle e-Uitenhage uthi akabanganaso isibindi sokukhuluma ngesitho sakhe.

“Ngangixhumama nesangoma [esaziwa ngelikaMama, kuWhatsapp, sangithembisa ukuthi uzoyenza ubenkulu ‘induku’yami.”

“Kodwa kuthe ngisendleleni ngabona isikhangiso egaraji sabantu abathi basebenzisana noMama. Abalisa ababili bathi kuthatha izinsuku eziyisikhombisa ukuba ‘induku’ ibenkulu.”

“Ngababuza ukuthi uphi uMama bathi usaphumile, kodwa basebenzisana naye.”

Funda nalolu daba: Imenenja isolw angokubulala isisebenzi kubhikishwa

“Ngakhokha u-R380 banginikeza ibhodlela elingu-500ml elinento egcotshwayo bathi angiyigcone esithweni sami sangasese. Bathi ngibuye uma ngingagculisekelile.”

“Kodwa ngemuva kwezinsuku eziyisikhombsa ‘induku’ yami yayisencane.”

“Ngabuyela kubona bathi angikhiphe u-R50 ukuze bezoshayamathambo.”

“Omunye wabo waqhubeka nokuphosa phansi amathambo, nakuba ngingawukhiphanga u-R50, wathi owayeyintombi yami usebenzise utokoloshe ukuba wenze ‘induku’ yami ingakhuli.”

“Ngabatshela ukuthi bayisikhombisa abantu esengike ngathandana nabo sahlukana, ngakho kuzomele bacacise, base bethi angiphinde ngikhiphe omunye uR180.

“Nganqaba ngabatshela ukuthi abayithathe kulemali engu-R380 engibanikeze yona.”

“Ngaphinde ngaxhumana noMama kuWhatsapped – wathi ngihlangane namaqola.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showery. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...