UKelly Khumalo umangalela uSam Meyiwa

2016-11-28 08:30

Johannesburg - Impi ephakathi kwesihlabani somculi uKelly Khumalo nobaba kaSenzo Meyiwa, uSam Meyiwa isize yafika ezandleni zabomthetho.

UKelly uthumele incwadi kuSam Meyiwa.

Incwadi ephuma kubameli bakaKelly ifike qathatha emzini kaMeyiwa, le ncwadi icela uMeyiwa ukuba ayeke ukuhlambalaza nokucekela phansi igama likaKelly.

OLUNYE UDABA: Uyise kaSenzo Meyiwa embangweni wengane noKelly

"UKelly usekhathele izinkulumo ezingezinhle ezilokhu zikhulunywa ngaye. Ukhathele ukuhlukunyezwa nguSam Meyiwa." kusho uLinda Moeketsi oyimenenja kaKelly.

NgokweCity Press, incwadi yabameli ithunyelwe emzini wakwaMeyiwa ngoLwesihlanu. Imithombi esondelene noKelly ithi lo mzwilili usekhathele yizenzo zikaMeyiwa ohambe emkhuluma emaphepheni.

Kwelinye lamaphephandaba uSam wathi: "Angazi le ntombazane yakhuliswa kanjani. Ayikwazi ukuziphatha kahle."

UMeyiwa ephawula ngalolu daba uthe uzokhuluma nabameli bakhe ngencwadi.

"Unesibindi uKelly sokungithumelela incwadi ethi angiyeke ukukhuluma ngaye emaphepheni ekubeni kuyimi owalahlekelwa yindodana.

"Akukhathaleki noma ngiyaboshwa noma ngiyabulawa, angisoze ngayeka ukukhuluma ngabantu ababekhona endaweni yesigameko okwashona kuso indodana yami.

"Ngisazama ukudlulisa ukubulawa kwendodana yami, okwenziwa wuKelly kumina akwamukelekile. Kukho konke okuqhubekayo uzenza isisulu," kusho uMeyiwa.

 - The Citizen

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More clouds than sun. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...