UJuju 'uyinja' - Kenny Kunene

2016-03-20 10:00

Johannesburg - UMholi weqembu lezepolitiki i-Economic Freedom Fighters (EFF), uyinja enomkhaba ehlezi ikhonkotha, kusho uKenny Kunene.

Inja kaKenny emnyama yohlobo lweRottweiler iphenduke usaziwayo ngoLwesihlanu ngesikhathi efake isithombe sayo enkundleni yezokuxhumana.

ISushi King yetha inja yayo ngegama lomholi we-EFF uJulius Malema.

Lokhu ikwenze ngemuva kokuba uJuju ekhiphe iculo i#ZuptaMustFall ngoLwesine eziphindiselela.

OLUNYE UDABA: UKenny Kunene usebize abelungu ngezinkawu

Iculo laphuma kuYouTube kanti imithombo ithi iJuju waqamba igama elithi Zupta ngenhloso yokuqwashisa nokuthi bonke abantu bakhulume izwi elilodwa le#ZuptaMustFall.

Yize kunjalo uKenny akayizwa kahle le njengoba eyihlaba eyihlikiza nenja yakhe.UKenny washaqisa abaningi enkundleni yezokuxhumana i-instagram ngezithombe zenja yakhe ezihambisana nombhalo othi: "Inja yami, uJuju isikhulile isize yanomkhaba, akuve ithembekile kumnikazi wayo oyiphakelayo. Engikuthandayo ngoJuju ukuthi uyasazi isikhathi sokukhonkotha izigebengu nesokungijabulisa nabangani bami....akafani neze nabanye abantu...

Ngemuva kwesikhashana uKenny washayelwa ihlombe ngabalandeli bakhe ngokugwegwesa uJuliuas Malema.

ISushi King ikhuluma nabephephandaba iSunday Sun ngoLwesihlanu yazwakalisa uthando enalo ngenja yayo.

"Ngaba nale nja isesencane kanti igama elithi Juju igama elihle kwizinja. Uma ngikhuluma ngomkhaba ngikhuluma ngoMalema, uyakhumbula ngonyaka wango-2013 wayenesisu esincane kodwa manje usenomkhaba," usho njalo.

UKenny uqhube wathi:" UMalema ufana nenja, la ahamba khona uyakhonkotha, ePhalamende uhlezi ekhonkotha. EPolokwane ukhonkotha ematheveni.

"Ubengekho ePhalamende ngoLwesine, abaphathi bakhe baseNgilande bamtshela ukuthi akubekhona akwenzayo, manje useqambe iculo ngoba nje efuna ukubanga umsindo."

UMalema akazange atholakale ephawula futhi akazange ayiphendule nemiqhafazo ayithunyelelwe kwaze kwashaya isikhathi sokuyoshicilela.

ISITHOMBE: 

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Sunday Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...