UJosesh Mathunjwa akayizwa eyokuvakashela kukaRamaphoyisa eMarikana

2018-04-16 10:59

Johannesburg - Umengameli we-Association of Mineworkers and Construction Union (Amcu) uJoseph Mathunjwa uthi isimemezelo sakamuva sikaMengameli Cyril Ramaphosa ngodaba lwaseMarikana kuhloswe ngaso ukudelela inyunyana.

Ngesikhathi ethula inkulumo enkonzweni yomngcwabo kaWinnie Madikizela-Mandela e-Orlando Stadium eSoweto ngoMgqibelo, uMengameli Ramaphosa umemezele ukuthi yena nomholi we-Economic Freedom Fighters uJulius Malema bazovakashela eMarikana.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele osolwa ngokudlwengula isalukazi

UMalema uhlale esola uRamaphosa ngokuba neqhaza ekutheni amaphoyisa abulale abavukuzi abangu-34 eMarikana eNorth West ngo-2012.

UMathunjwa uthi izisulu zaseMarikana akumele zisetshenziselwe ukuxazulula ukungaboni ngasolinye ezindabeni zezombusazwe.

UMathunjwa ukholelwa ukuthi lo ‘mshado’ ophakathi kukaMengameli we-ANC kanye ne-EFF kuhloswe ngawo ukwakha ubudlelwane phakathi kwalezi zinhlangano zezombusazwe.

- SABC

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...