UJacob Zuma unengane nowesifazane, 24, okubikwa ukuthi uzoshada naye

2018-04-20 16:00

Lowo obengumengameli uJacob Zuma usengubaba futhi kulandela ukuthi owesifazane ebelethe ingane yakhe yomfana esibhedlela esiseThekwini ngesonto eledlule.

INews24 ipotshozelwe ukuthi le ngane izalelwe eBusamed Hillcrest Private Hospital ngoLwesne olwedlule - ngelanga lokuzalwa likaZuma.

UZuma unesithembu kanti unezingane ezingu-22 nabesifazane okusolakala ukuthi bangaphezu kweshumi.

Imithombo ezimele emithathu iqinisekise kwiNews24 ukuthi uZuma ufike ngoLwesine ebusuku ezobona ingane ehamba nonogada bakhe.

"Kudingeke ukuthi kuphume wonke umuntu ewadini yokubelethela. Izisebenzi zasesibhedlela zidonswe ngendlebe ukuthi zingayithi vu kumuntu le ndaba," kusho umthombo owaziyo ngokubelethwa kwale ngane.

URay Zuma, ohlobene noZuma, uqinisekisile kwiNews24 ukuthi uZuma uzoshadelwa ngowesifazane ogama lakhe nguNonkanyiso Chonco. 

Ngesikhathi ebuzwa ukuthi ngabe uChonco ungumuntu oyedwa nowesifazane osanda kubeletha ingane kaZuma, uRay Zuma uphendule ngokuthi: "Manje?"

"Angiboni ukuthi kungani nifuna ukwazi ngalolu daba. Ngesikhathi esangumengameli, nina benimhlupha, manje senifuna ukwazi izindaba zakhe."

Uthe akazi lutho ngemininingwane yomshado ngesikhathi ebuzwa.

"Alukanqunywa usuku okwamanje. Yomibili imindeni isazoxoxisana ukuze idingide ngalolu daba."

Indodana kaZuma, u-Edward, itshele iNews24, ukuthi ngeke iphawule ngesikhathi ibuzwa ngodaba lwengane.

Udaba oluphelele lapha.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...