Uhulumeni wase-KZN wamukele isigwebo sobebhekene nawokubulala eGlebelands

2018-04-04 14:00

Durban - UNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal uMxolisi Kauna wamukele isigwebo sikadilikajele esigxabezwe indoda elahlwe yicala lokubulala ehostela iGlebelands.

Le ndoda eneminyaka engu-28 ubudala yaboshwa ngonyaka odlule.

Ihostela iGlebelands iphenduke indawo yezigameko zokubulawa kwabantu ngonyaka odlule kanti izigameko ezashaqisa iningi yilezo zokubulawa kwabantu ababili ngaphakathi kwemizuzwana ngoJulayi.

OLUNYE UDABA:Usenkantolo osolwa ngamacala okubulala eGlebelands

Esinye isisulu ngowesifazane, 52, owabulawa nguKhayelihle Mbuthuma ngesihluku.

NgoLwesibili, ugixabezwe yinkantolo ngodilikajele.

Isikhulumi soMnyango wezokuPhepha koMphakathi uMluleki Mntungwa uthe: "Ungqongqoshe ukholelwa ekutheni isigwebo sizothumela umyalezo kubantu abahlukumeza abanye abantu eGlebelands. Ingalo yomthetho nabo izobalandela."

Umnyango ucele umphakathi ukuba ubekezele ngemuva kokugxekwa kweziphathimandla ngokuthatha ngonyawo lonwabu ngesikhathi zenza uphenyo.

 - EWN

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...