uhulumeni uzophenya ngokuthwalwa kwamantombazane

2012-11-22 08:42

Johannesburg - Sekusungulwe ithimba eliyisipesheli ekulindeleke ukuthi liphenye nezehlakalo zokuthwalwa kwamantombazane esifundazweni eKwaZulu-Natal, kusho uhulumeni wesifundazwe.

Umkhulumeli kahulumeni uCyril Madlala uthi ithimba leli lisungulwe ngemuva kokuthi abeCommission of Gender Equality (CGE), babika ukuthi uhulumeni akanazo izibalo eziqondile zamantombazane ayizisulu zokuthwalwa.

Ikhomishana yathola ukuthi yonke iminyango kahulumeni kanjalo nenhlangano yezokushushisa iNational Prosecuting Authority, ayinazo izibalo zalezi zehlakalo.

Emhlanganweni obanjwe yizikhulu zikahulumeni ngoLwesithathu, uNdunankulu uZweli Mkhize  uthembise ukuthi lubhekisiswe lolu daba.

"Undunankulu uqinisekise ukuthi uzosebenzisana nekhomishana nazo zonke izinhlaka, ukuqinisekisa ukuthi kuvikelwa amalungelo abantu kuphinde kuvikelwe nabesifazane," kusho umadlala.

Ukuthwala, wumkhuba wokuthatha ngenkani owesifazane bese eganiswa ngaphandle kwemvume yakhe, imibiko ithi lokhu kwenziwa nasezinganeni ezincane kakhulu ekuthiwa ziyekiswa isikole bese zenziwa amakhosikazi.






 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C Morning clouds. Cool. Pta: 5-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Jhb: 3-15°C Afternoon clouds. Cool. Bloem: -1-12°C More sun than clouds. Cool.
Dbn: 10-13°C Numerous showers. Mostly cloudy. Quite cool. PE: 8-14°C a few showers. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...