Uhulumeni ukhala ngabakhulelwa befunda

2016-04-11 15:40

Durban - UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uSenzo Mchunu, ukhale ngetsha enikwa wuhulumeni imifundaze bese yona ibonga ngokumitha esikoleni.

UNdunankulu ukhulume kanje ngoLwesihlanu ePlessuspaer TVET College, eMgungundlovu, lapho uNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uBlade Nzimande, ebethula khona iYouth Development Programmes and Internship Placement, okuhloswe ngayo ukusiza abafundi abaphuma emakolishi ngamathuba emisebenzi, kubika iphephandaba iLANGA.

Funda nalolu daba: Abesifazane bakhala ngesangoma esibachithela umuzi

UMchunu uthe njengohulumeni ibaphatha kabi lento eyenziwa yintsha. Ngoba laba bafunfdi benzela uhulumeni phansi njengoba bagcina sebefeyila futhi.

Utshele intsha ukuthi ithuba enikwa lona kumele ilibambe ngenzandla zombili ngoba kukhona ebebelifuna kodwa bangalithola.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 



- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...