Uhulumeni nezinhlelo zokuqeda udlame lwabamatekisi nabama-Uber

2017-09-28 07:00

eGoli - Uhulumeni waseGauteng uzama ngazo zonke izindlela ukuqeda ukungezwani phakathi kwabe-Uber nabanikazi bama-metered taxi.

Lo hulumeni ufuna ukungenelela ngenhloso yokuqeda udlame kule mboni yamatekisi nokuwudlame olwaqala ngo-2015.

Miningi imihlangano ehlelwa wuMnyango wezemiGwaqo kanye nezokuThutha kanye noMasipala waseGoli phakathi koMkhandlu weGauteng Provincial Metered Taxi Council, amagatsha awo kanye nabe-Uber.

Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe wezokuThutha kulesi sifundazwe u-Ismail Vadi esiShayamthetho sesifundazwe ngoLwesibili.

OLUNYE UDABA:I-Uber iphucwe ilayisensi yokusebenza eLondon

UVadi ubephendula imibuzo ngezinyathelo abazithathile njengoMnyango ukuqeda udlame olukhona phakathi kwabashayeli.

“Inhloso yale mihlangano wukuchazela kabanzi abe-Uber kanye nabashayeli babo ngamalayisensi okusebenza, nokuthi nabo basichazele ngobuchwepheshe abasebenza ngabo ukuze bafunde nalaba bezimoto ezincane, kanti nabo kumele bachazele abe-Uber ngemigudu okumele ilandelwe ukuze babe yingxenye yomkhandlu wabo,” kusho yena.

Uthi selokhu iqalile le mihlangano yabo, bangu-1 650 abashayeli bama-metered taxi asebejoyine uhlelo lwe-Uber, kubika i-The Citizen.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 16-22°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 14-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 15-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...