Uhulumeni akayeke ukusebenzisana no-Absa - ANCWL

2017-06-20 12:30

Cape Town – I-African National Congress Women's League (ANCWL) isicele yonke iminyango kahulumeni ukuba iyeke ukusebenzisana no-Absa kulandela umbiko kaMvikeli woMphakathi oveze ukuthi leli bhange likweleta i-SA Reserve Bank (SARB) imali engaphezu kuka-R1.1billion.

"I-ANCWL icela yonke iminyango kanye nezinkampani zikahulumeni ezisebenzisana no-Absa ukuba zidabule izinkontileka ezinazo no-Absa ngokushesha,” kusho uNobhala Jikelele wophiko lwabesifazane, uMeokgo Matuba, esitatimendeni.

Lolu daba lumayelana no-R1.125bn iSA Reserve Bank (SARB) eyatakula ngawo iBankorp phakathi kuka-1985 no-1995.

U-Absa wathatha izintambo kuBankorp ngo-Ephreli 1992 kodwa bekulokhu kunabantu abafuna ukuba u-Absa ubuyisele imali kwi-SARB. 

NgoMsombuluko uMvikeli woMphakathi uBusisiwe Mkhwebane ukhiphe umbiko wakhe kulandela uphenyo ngalolu daba.

OLUNYE UDABA: Utholwe elenga esigxobeni obexhuma ugesi ngokungemthetho

Uthole ukuthi ngesikhathi iBankorp inikezwa imali, i-SARB yehluleka ukulandela umthetho weSA Reserve Bank, phakathi kwezinye zezinto. 

Uyalele iSpecial Investigating Unit ukuba yenze imizamo yokuba u-Absa ukhokhe le mali.

I-ANCWL iphinde yanxusa ukuba kwenziwe olunye uphenyo ngenhloso yokulanda izimali ezebiwa nguhulumeni wobandlululo, bese zisetshenziselwa ezentuthuko.

U-Absa uthe awukholelwa ukuthi kunemali okumele uyikhokhe, ngakho uzobabela enkantolo ufuna ukuba lo mbiko ubuyekezwe.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...