Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokudlwengula nokubulala isalukazi,107

2018-02-01 14:01

Durban – Owathola ushwele osesolwa ngokudlwengula nokubulala isalukazi esineminyaka engu-107 ubudala eHowick uhoxise isicelo sebheyili esabela impilo yakhe.

Owesilisa oneminyaka engu-36 ubudala elingeke lidalulwe icala lakhe kuze kube uyabuzwa ukuthi uyalivuma yini icala, uvele eNkantolo kaMantshi eHowick ngoLwesithathu ngecala lokugqekeza, ukubulala nokudlwengula uGirley Phillipina Maphumulo.

Usolwa nangokuklinya omunye wabazukulu bakagogo.

OLUNYE UDABA: Ukhihle isilile uNgqongqoshe exolisa ngolwaseLife Esidimeni

Ekhuluma nephephandaba iMercury ngaphandle kwenkantolo, umndeni wowesifazane uthe sebetholile umsolwa akahlali kude kakhulu nomuzi wabo.

Kodwa, bathi bebengamazi ngenxa yokuthi ubesanda kuphuma ejele ngoshwele.

Icala lihlehliselwe uFebhuwari 9.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...