UHolomisa uthi bazosiqapha ngawokhozi isabelo sezimali – Umbiko
2016-08-18 11:30
Durban - UBantu Holomisa ongumholi we-United Democratic Movement uthi
bazokuqaphelisisa kahle ukwabiwa kwezimali zomasipala, kubika iSowetan.
Lo mholi uthe bazoyiqapha ngawokhozi inqubo yokusebenza
kwezimali njengoba kungululumeni kazwelonke kanye nowezifundazwe obhekelele
ukwabiwa kwemali.
Funda nalolu daba:Uzimisele ngokusiza abavukuzi uHolomisa
Inhlangano yakhe izosebenza ngokubambisana nobuholi be-DA
uthi abafuni ukubhekana nesimo lapho uhulumeni wezwe, nokunguhulumeni oholwa
i-ANC, abacindezele ngoba nakho engakhethwanga kwamanye amadolobha.
“Sinqume ukubambisana namaqembu aphikisayo komasipala
bamadolobhakazi iNelson Mandela Bay kanye neCity of Johannesburg
naseRustenburg,”kusho yena.
- News24