Uhlukene phakathi umndeni obanga indlu

2018-01-20 16:21

EGoli - Ngesikhathi kushona ubaba wakulo muzi, izingane zakhe ezintathu zazicabanga ukuthi zizonakekelwa wumalumekazi wazo, zazingazi ukuthi uzobagila.

UShingai,25, Rugare,18, kanye noWedzero Masarit,22, sebezophenduka ondingasithebeni ngenxa yokuthi umalumekazi wabo uMartha Mabana,61, edayisa umuzi wakubo.

Lo muzi ose-Ga-Rankuwa, ufakwe endalini ngoMsombuluko.

OLUNYE UDABA:Obenikwe ifa lendlu, uhlabane ngomcebo ka-R52m efika endlini

Ubaba walezi zelamani washona ngo-2014, ngesikhathi eshona, babecabanga ukuthi bazothola ifa lakhe lonke, kodwa bashaqeka kabi ngesikhathi bethola ukuthi uMartha uyena othole lonke ifa.

UShingai uthe ngesikhathi efunda incwadi yefa likababa wakhe, yena nezingane zakubo bebengabhaliwe.

Uthi ukholwa wukuthi kukhona okwenziwe ngumalume wakhe ukubaphambanisela izinto.

“Angikholwa ukuthi ubaba ubezonikeza umalumekazi yonke into ngaphandle kokusazisa. Kudala singena siphuma ezinkantolo sizama ukuthola umuntu ozosisiza ngoba webe ifa lethu, kodwa kasisizakali,” kusho yena.

Uthi izinkinga zaqala ubaba wabo esezongcwatshwa, umndeni wonke wavele wabashinsthela.

Ngesikhathi abeDaily Sun the bexhumana nalo malumekazi ubatshele ukuthi isizathu esenza umfowabo ayibhalise ngaye indlu wukuthi wayengafuni ithathwe yilowo owayengumkakhe ayithole.

Uthi indlu iyadayiswa ngoba umfowabo wayengakaqedi ukuyikhokhela.

Uthi wabatshela abashana ukuba bangeza bazohlala naye noma abathengele isitende, kodwa kabakufuni lokho.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Partly cloudy. Mild. PE: 11-18°C a few tstorms. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...