Uhlawuliswe u-R70 000 obeshushumbisela insangu kuleli

2017-04-24 16:01

Mbombela - Ihlawuliswe imali engu-R70 000 indoda eneminyaka engu-39 ubudala etholwe nomthunzi wezinkukhu oyisisindo esingu-300kg olinganiselwe emalini engu-R700 000 ngentengo yasemgwaqeni.

Amaphoyisa ophiko loKlebe, iDirectorate for Priority Crime Investigation athe ngoMsombuluko uMathews Vilakazi utholwe enecala wabe esegwetshwa yiNkantolo yeMantshi yaseCarolina ngoLwesihlanu.

Okhulumela oKlebe uCaptain Dineo Lucy Sekgotodi uthe uVilakazi uhlawuliswe imali engu-R70 000 noma iminyaka emibili etholoza ejele.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa ashaqe insangu yenani lika-R140k

Le ndoda iphinde yalahlekelwa nayimoto yayo yohlobo lweToyota double cab 4x4 yemali engu-R100 000.

Ngaphezu kwalokho imantshi iphinde yayigweba iminyaka emine ejele kodwa yayilengisela yona le minyaka ngaphansi kombandela wokungatholwa inecala elifanayo.

Ngokusho kukaSekgotodi, ngomhlaka-28 Julayi 2016, amalungu amaphoyisa ophiko loKlebe eMpumalanga ancinzwa indlebe mayelana nendoda yakwelinye lamazwe akhelene neNingizimu Afrika eyangena kuleli nensangu, kwalandelwa umkhondo, kwabe sekuboshwa uVilakazi.

 - ANA

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Rain late. More clouds than sun. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 2-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 10-24°C High level clouds. Mild. PE: 14-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...