UHlaudi ucele ukuthandaziswa abengumengameli wezwe

2017-06-26 16:01

Johannesburg - Lowo owayeyisikhulu eSABC, uHlaudi Motsoeneng, ngeSonto ucele uMphrofethi Paseka “Mboro” Motsoeneng nebandla lakhe ukuba limkhulekele abengumengameli olandelayo wezwe.

“Uma nithandaza, ngicela ningithandazele. Nithandazele ukuba ngibengumengameli wezwe ukuze nibone umehluko eNingizimu Afrika,” kusho uMotsoeneng.

Uthe akabhekile ukhetho lwango-2019 ngoba ufuna lona lunqotshwe ngumuntu wesifazane.

OLUNYE UDABA: Noma bangaqamba ithoyilethi ngoZuma, sizolibhabliza -EFF

UMotsoeneng ubevakashele ibandla likaMboro i-Incredible Happenings, eKatlehong, eGoli, ngeSonto.

UMotsoeneng uthe labo abacabanga ukuthi kuphelile ngaye, bashaye eceleni ngoba lesi yisiqalo sohambo lwakhe.

Uphinde wathi isizathu esenza angafunwa kangaka yingoba ufuna ukwenza ngcono izwe.

- Sowetan Live

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...