UHlaudi Motsoeneng akazange alubhade enkantolo ukuzoziphendulela

2017-08-15 14:01

Johannesburg – Lowo owayeyi-COO yakwa-SABC, uHlaudi Motsoeneng, uhlulekile ukuvela ngaphambi kweNkantolo yezaBasebenzi eGoli ngoLwesibili ukuzoziphendulela ukuthi kungani kungafanele kube uyena siqu sakhe okumele aphendule ngokuxoshwa kungafanele kwezintatheli ezingu-8 ze-SABC.

Azikho izizathu ezibekiwe mayelana nokuthi kungani uMotsoeneng ehlulekile ukuvela enkantolo.

Le nkantolo iphinde yezwa nokuthi abameli beNingiza Horner, ababemele iSABC, uMotsoeneng kanye nalowo owayeyiNhloko yeZindaba, uSimon Tebele, bahoxile ngoLwesihlanu.

OLUNYE UDABA: Uzinikele emaphoyiseni umka Mengameli osolwa ngokushaya

UTebele, omangazwe yisinqumo salaba bameli sokuhoxa, ucele ukuba icela lihlehliswe ngenxa yokungaphili kahle.

“Bengisesibhedlela kusukela ngoMeyi kuya kuJulayi futhi ngingene ekuhlinzweni okuthatha amahora ayisikhombisa. Ngisho namanje ngisalulama ezinhlungwini ezinzima – izolo ngithole iSMS ebiveza ukuthi icala lenkantolo linamhlanje [ngoLwesibili],” usho kanje.

Uphinde wathi akasitholanga ngisho nesikhathi sokuthi abeke esithombeni ummeli wakhe omusha.

UJaji David Gush, okuwuyena osingethe leli cala, ulihlehlisele umhlaka-6 kuSepthemba. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...