Uhlalele ovalweni umphakathi kutholakala isidumbu esishumpuliwe

2016-07-14 11:31

Johannesburg - Izakhamuzi zaselokishini zihlalele ovalweni kulandela isigameko esinyantisayo sokutholakal kwesidumbu sendoda esishumpuliwe ngoMgqibelo ekuseni.

Le ndoda itholwe esigangeni eChiawelo eSoweto ngoMgqibelo kunezicubu zomzimba ezingasekho, isithupha sesandla sesinxele, isandla sokudla, amehlo, yindlebi yesobunxele nolimi.

OLUNYE UDABA:   Kuboshwe umlamu kutholakala isidumbu

Isidumbu sitholwe nguMmasefako Tiro, 35, obesendleleni elibhekise emgcwabeni. 

"Bengihamba ngesikhathi ngibona indoda ilele phansi, bengithi idakwe kakhulu yase yalala."

Kodwa wabe esebona igcwele igazi wahayiza wabiza abantu efuna usizo abantu bonke babuthelana kule ndawo.

Le ndoda engaziwa ibukeka ineminyaka ebalelwa kwengo-40 ubudala.

UConstable John Serala wamaphoyisa aseMoroka uqinisekise ukuvulwa kwecala lokubulala esiteshini nokuthi ukhona umndeni oye emakhazeni uyozama ukuhlonza isidumbu.

"Isigameko siyaphenywa," kusho uSerala, kubika iDaily Sun.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...