Uhlalele ovalweni okweqe indodana yakhe ejele

2017-01-04 16:01

Johannesburg - Umama wezingane ezintathu uhlalele ovalelweni ngemuva kokuba indodana yakhe eyingozi yeqe esitokisini esisenkantolo ngeledlule.

UNosisuko Majwede,47, utshele iDaily Sun ukuthi indodana yakhe, uThembalethu, yamgwaza ngasesweni ngaphambi kokuba iboshwe ngenyanga edlule.

UThembalethu,22, ubengesinye seziboshwa ezeqe eNkantolo yeMantshi yasePhilippi eKapa.

“Ngesabela impilo yami ngoba uyingozi kakhulu. Uma ebuyela ekhaya efika ngilele uzongibulala. Ubehlala engisabisa ngokungibulala ethi angiyena unina.”

OLUNYE UDABA: Kuthiwa abazali babafundi ba-Matric abaqaphele izimpawu zokhwantalala

UNosisuko uthi amaphoyisa afika emzini wakhe ezofuna uThembalethu kodwa angamthola.

“Ngifisa sengathi bangambamba, bamvalele ejele.”

Iziboshwa ezingu-14 zeqa ngesikhathi zithuthelwa ePollsmoor Prison.

Okhulumela amaphoyisa, uCaptain Frederick van Wyk, uthi sekuboshwe iziboshwa ezimbili kwezeqa, kanti ezinye zisagcwele izinkalo.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...