Uhlalele ovalelweni umndeni wowesifazane owadutshulwa umyeni angu-14

2016-08-19 12:32

Johannesburg – Umndeni wowesifazane owadutshulwa amahlandla angu-14 washona ngumyeni wakhe oyiphoyisa, uthi uhlalele ovalweni.

Uthi leli phoyisa lingase lidedelwe ngoba uMbuso awuyilandeli imigudu efanele yokuqoqa ubufakazi.

UBantu Mchunu kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseBoksburg lapho efake khona isicelo sebheyili kulandela ukuzinikela emaphoyiseni emasontweni amabili edlule.

OLUNYE UDABA: Iphoyisa libulale umndeni, lazidubula nalo

Ummeli uMzamo Nkobi, okhulumela umndeni, uthi umndeni usabela ukuthi uma uMchunu ededelwa uzowusoconga.

"Uyingozi, wonke umuntu uyamsaba.”

UNkobi ukhale nangokuthi i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) ijube isisebenzi esisesisha kulo msebenzi ukuba sisingathe leli cala.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...