Uhlafuna ejeqeza umphathi woKhozi FM osethole onogada

2017-04-23 11:32

Durban -  Usehlafuna ejeqeza umphathi wesiteshi esiyintandokazi uKhozi FM ngemuva kokuthenjiswa izinkabi.

UBonga Mpanza uselala obenyoni ngenxa yokuzinelwa yizinkabi kanti kuthiwa lokhu kuqale ngemuva kwezinguquko zezinhlelo azenza.

Iphephandaba iSolezwe lithole ngemithombo yalo ukuthi sekukhulunyiwe emarenki ukuthi akashaywe uThabekhulu ngenxa yezinguquko azenzile ezinhlelweni ezithile.

"Kunabantu oKhozini asebazibona ukuthi abathinteki futhi bakhulu kunesiteshi,"kusho umthombo waleli phephandaba.

OLUNYE UDABA:UKhozi FM luyaqhubeka nokuhamba phambili kuleli

Lo mthombo uthe izinkabi sezifike kaningi emzini kaMpanza ePinetown futhi zimlandela nasemgwaqeni zingalitholi ithuba lokumshaya ngoba eseqashelwe onogada.

Kuthiwa ne-SABC yazisiwe ngesimo sikaMpanza nokuthi impilo yakhe isengcupheni nokuyilapho okugunyazwe khona ukuba akavikelwe.

Ngesikhathi ethintwa, uMpanza usole leli phephandaba ngokudicilela phansi igama lakhe kanye noMsakazo, uthe ngeke aphawule ngesimo sakhe nokuthi uyagadwa ngoba konke lokhu yikona okubeka impilo yakhe engcupheni.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 14-18°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...