Uhlafuna ejeqeza umhlengikazi ozingelwa izinkabi

2016-10-08 16:36

Durban - Uphilela ovalweni umhlengikazi osebenza emtholampilo oseMgababa ofonelwe yindoda ezibiza ngenkabi ethi ithunyelwe kuyena.

 Lo mhlengikazi unesikhundla esiphezulu emsebenzini uthe waxabana nozakwabo eamsebenzini ngoLwesithathu.

Lolu daba luze lwangenelelwa omunye uzakwabo ezama ukulamula.

Uthi wathuka kabi ngeSonto eshayelwa owesilisa emtshela ukuthi akangathuswa yilokhu azomtshela khona, kubika iSOLEZWE.

OLUNYE UDABA:Umhlengikazi waseZimbabwe ubulawelwe eSwaziland

“Uthe uthunyelwe oumuntu engangixabana naye ngoLwesithathu, ngiyazi mina ukuthi ngaxabana nobani.

Le ndoda ithi yangilandela kuzo zonke izindlela zami kusukela ngoLwesine futhi yawuchaza kahle umuzi wami.

Ithi kwakumele yenze umsebenzi wayo ngoLwesihlanu kodwa yangibuka yangidabukela ngoba lokhu okwashiwo yilo muntu oyithumile akufani nalokhu akubonayo,” kusho lo mhlengikazi.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thulani Zwane uthe kuvulwe icala lokusabisa kanti basaphenya.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...