Uhlafuna ajeqeza umfundisi ofana no-Ananias Mathe

2017-01-11 14:32

Pretoria - Uthi uphila kanzima umfundisi webandla i-African Methodist Episcopal Church ngoba uhlezi evinjwa amaphoyisa emfanisa nesigelekeqe esingu-Ananias Mathe.

Umfundisi uMotlotlo Rabotapi, ufana ncamashi noMathe uthi lokhu kwenza abantu bamsole ngokuthi unguyena futhi uqambe amanga ngookufa kwakhe.

URabotapi, 50, utshele abe-Sunday World  ngesonto eledlule ukuthi wake wadutshulwa kathathu edusthulwa amaphoyisa asePitoli.

OLUNYE UDABA:"Umfundisi akamzali umfundisi" ukushaqeka kuboshwa ekamfundisi

Uthi lamaphoyisa ophiko olukhethekile ayelunywe indlebe ngumnikazi wesitolo elokishini laseMabopane ngokuthi ubona uMathe. Ngaleso sikhathi uMathe wayesanda kweqa ejele.

Lo mfundisi uthi sekudlule iminyaka eyishumi kwenzeka lokhu kodwa amaphoyisa awakaze axolise ngalesi senzo sawo.

Uthi kudingeke ukuba abaleke ePitoli ngoba bekuvunguza indaba yokuthi unguMathe futhi uqambe amanga ngokufa kwakhe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...