Ugxekwe kabi usaziwayo othe 'kumnandi ukusebenza ejalidini'

2017-04-21 14:01

Durban - Uthole angakulindele usaziwayo othathele ezinkundleni zokuxhumana ethi kumnandi ukusebenza endlini kanti manje useyaqondisisa ukuthi kungani kunabantu abaziphilisa ngalo msebenzi.

U-Elana Afrika ongumethuli wezinhlelo zakumabonakude uthathwe njengomuntu othathela abantu phansi nongakuqondisisi ukuthi kunjani ukuhlupheka.

Abantu bebeshintshana ngaye bebuza ukuthi yini emnandi ngokuhola amakinati ube usebenza kanzima.

OLUNYE UDABA:Usaziwayo uthi akuyona "inkomo" yakhe esesithombeni

Abanye bathi uyabazi yini ubunzimba obuthwelwe abantu abasebenza ezindlini, kubika iTimeslive.

Omunye umfundi utshele lo saziwayo ukuthi ugogo wakhe wayesebenza emakhishini, njalo uma egula wayethumela izingane zakhe ziyomubambela emsebenzini ngoba uma engasebenzanga wayengaholi.

Cleaning the house is therapeutic. I understand why someone could do this for a living!

— E Afrika-Bredenkamp (@ElanaAfrika) April 20, 2017 p>

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-25°C High level clouds. Mild.
Jhb: 7-21°C High level clouds. Mild. Bloem: 5-25°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...