Ugwetshwe udilikajele owesimame owabulala umyeni wakhe

2017-03-24 16:00

Polokwane - INkantolo eNkulu yasePolokwane igwebe owesimame udilikajele ngokulahlwa yicala lokudubula abulale umyeni wakhe.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Moatshe Ngoepe uthe uCarolina Catherine Visse wake wakhalaza ngokuhlukunyezwa wumyeni wakhe phambilini kodwa akakaze abike ngakho emaphoyiseni.

OLUNYE UDABA:Uzinikele emaphoyiseni odubule umama wengane kanye nomngani wakhe

“Lona wesimame ubengakaze abike ngokuhlukunyezwa kwakhe emaphoyiseni kwaze kwaba wukuthi udubula umyeni wakhe amahlandla amathathu ekhanda,” kusho uNgoepe.

Umufi watholakala edindilizile embhedeni wabo emzini wabo, oseKamperus, ngaphandle kwaseHoedspruit, ngomhlaka-19 Febhruwari 2016.

Inkantolo ibuye yagweba uVisser eminye iminyaka emithathu ngokutholakala nesibhamu kanye nezinhlamvu ngokungekho emthethweni.

Umyeni wakhe uLeon Potgieter, wayeneminyaka engu-52 ubudala ngesikhathi eshona, kubika iCitizen.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...