Ugwetshwe udilikajele owadlwengula umfana eNtshangwe

2018-03-21 12:30

eThekwini -  Inkantolo yesiFunda eMkhambathini igwebe owesilisa, 33, udilikajele ngecala lokubulala umfana.

Lokhu kwenzeka endaweni yaseNtshangwe kanti isigameko sabikwa emaphoyiseni akuyo le ndawo ngemuva kokuba umfana,7, adlwengulwe yilo msolwa ngoMeyi 2016.

Kuthiwa ngomhlaka 2 Meyi 2016 lo mfantana wavinjezelwa wumsolwa wamdlengulela endlini kubo umama wakhe engekho.

OLUNYE UDABA:Uyavela obanjwe nemoto okusolwa ukuthi yadunwa e-E Cape

Umsolwa wabanjwa ngamalungu omphakathi esadlwengula lo mfana kwabizwa amaphoyisa.

"Kwavulwa icala lokudlwengula emaphoyiseni umsolwa waboshwa ngaleso sikhathi,"kusho amaphoyisa ngesitatimende.

Leli cala ladluliselwa ophikweni lwePinetown Family Violence, Child Protection and Sexual Offences Unit nokuyilapho kwenzeka uphenyo olunzulu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...