Ugwetshwe udilikajele olahlwe elokubulala eMlazi

2018-04-03 16:02

eThekwini -  UKhayelihle Mroza Mbuthuma oneminyaka engu-28 ubudala ugwetshwe udilikajele ngecala lokubulala owesimame eMlazi.

UMbuthuma ulahlwe yicala lokubulala uSibongile Mtshali ehostela elidume ngodlame kwaZulu-Natal iGleblands.

Lo mlisa uvele enkantolo yesiFunda eThekwini ngoLwesibili lapho agwetshwe khona udilikajele.

OLUNYE UDABA:Kuzogwetshwa owabulala owesifazane ehostela eMlazi

UKhomishana wamaphoyisa akulesi sifundazwe uMajor General Bheki Langa uncome kakhulu ithimba lakhe ngokusebenza ngokuzikhandla ngokubanjwa kwalo mlisa waze wagwetshwa.

"Bebesisola bethi asizinisi isikhathi esanele sokuphenya lawa macala. Manje ukusebenza kwethu ngokuzikhandla kuyabonakala ngale miphumela kanti lesi sigwebo sizoba yisifundo nakwezinye izinswelaboya ezihlukumeza abahlali bakule hostela,"kusho yena.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...