Ugwetshwe odilikajele abayisithupha olahlwe awokudlwengula

2017-09-13 18:00

kaBhokweni - Owesilisa oneminyaka engu-23 ubudala ugwetshwe kanzima ngamacala ambalwa okudlwengula abebekwe wona.

USenzo Vincent Matsane, okuthiwa wenza la macala endaweni yakaBhokweni eMpumalanga, ugwetshwe odilikajele abayisithupha.

UMatsane ugwetshwe yigatsha leNkantolo eNkulu yaseGauteng ebihlezi eMbombela ngoMsmbuluko mhla zingu-11 kwephezulu.

OLUNYE UDABA:Umsolwa udutshulwe ekhanda kudutshulwana namaphoyisa

Ngokubika kwephephandaba i-Mpumalanga News lo mlisa wadlwengula inqwaba yamantombazane kanye nabantu besimame.

Inkantolo izwe ukuthi uMatsane wayephoqa laba besimame ukuthi baye naye ehlathini afike abanklinye ebakhombe ngommese bese ebagebenge maqede abasabise ngokubabulala ngaphambi kokubadlwengula.

Waboshwa ngonyaka ka-2016 wabekwa amacala okudlwengula kanti inkantolo izwe ukuthi lo mlisa ubeneminyaka emihlanu aqala lo mkhuba wakhe futhi wayekuhlela kahle konke ayekwenza.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...