Ugwetshwe odilikajele abahlanu umfundisi olahlwe elokudlwengula izingane

2018-01-16 17:47

eLouisiana - Ugwetshwe odilikajele abahlanu umfundisi olahlwe ngamacala okudlwengula izingane ezinhlanu endaweni yaseLouisiana ePort Shepstone.

Lo mfundisi okuthiwa wazibeka yena kulesi sihlalo ugwetshwe ngoLwesibili enkantolo yesiFunda ePort Shepstone.

Izigwebo zakhe zodilikayele abahlanu uzozidonsa zonke kanyekanke.

UThokozani Mvalelwa,36, wawavuma amacala okudlwengula izingane ezinhlanu ezingaphansi kweminyaka engu-12.

OLUNYE UDABA:Ligwetshwe 10 weminyaka libhadla ejele iphoyisa ngokubulala omunye wababhikishi

Kuthiwa uMvalelwa wayeheha izingane ezibizela emzini wakhe ezithembisa oncamnce uma zizokwenza izenzo ezithile zocansi.

Lo mlisa waboshwa ngo-2016 ngemuva kokuthi ahlaselwe ngamalungu omphakathi, kubiks iSouth Coast Herald.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...