Ugwetshwe kanzima owadlwengulela abesifazane endlini yesonto

2018-04-15 11:02

Johannesburg - Isigebengu esinamacala ahlanganisa nawokudlwengulela abantu ababili besifazane esontweni eLimpopo, sigwetshwe odilikajele amathathu kanye neminyaka engu-48 sibhadla ejele.

U-Ofhani Magwaba, 35, usanda kugwetshwa yiNkantolo eNkulu eThohoyandou ngamacala amathathu okudlwengula, amathathu okubamba inikunzi ngesihluku, ukugqekeza, phakathi kuka-2009 no-2013.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Moatshe Ngoepe uthi inkantolo yatshelwa ukuthi ngoNovemba 2009, uMagwaba wagqekeza emzini wowesifazane oneminyaka engu-56 ubudala, nokuyilapho amdlwengula khona wamthathela no-R500 emkhombe ngommese.

OLUNYE UDABA: Useboshiwe oweqa ejele eminyakeni engu-35 edlule

"Kwesinye isigameko, umsolwa wahlangana nesalukazi esineminyaka engu-68 ubudala sizihambela siphuma esontweni. Wasisabisa ngommese, wasidlwengula, wasithathela u-R1000,” kusho uNgoepe.

"Eqhubeka nemikhuba yakhe, umsolwa waya esontweni eThohoyandou ngezithuba zabo-23:30 nokuyilapho ahlangana khona nonkosikazi kamfundisi, yisisebenzi sasendlini kanye nezingane. Wagwaza umka mfundisi, wamdlwengula kanye nesisebenzi sasendlini phakathi esontweni, wabathathela izinto ezihlanganisa omakhalekhukhwini kanye nemali.”

Ukhomishana wamaphoyisa eLimpopo uLieutenant General Nneke Ledwaba uwashayele ihlombe amaphoyisa ngokubopha umsolwa nokuqinisekisa ukuthi uyavalelwa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...