Ugwetshwe iminyaka engu-20 ebhadla ejele udokotela mbumbulu

2017-08-25 14:02

Mahikeng – Ugwetshwe iminyaka engu-20 ebhadla ejele udokotela mbumbulu owayesoka abantu ekhipha nemithi, ngemuva kokulahlwa ngamacala angu-4 523 okukhwabanisa yiNkantolo kaMantshi eRustenburg ngoLwesine.

Bekungekhona okokuqala elahlwa yicala lokuzenza udokotela.

NgoJanuwari 2010, uJames Mogaswa Mathopa, 47, walahlwa yicala lokukhwabanisa ngokwenza into efanayo eBloemfontein.

Wanikwa isigwebo seminyaka enithathu ebhadla ejele kungenjalo akhokhe inhlawulo ka-R20 000.

Ngemuva kwenyanga elahlwe yicala, waqhubeka nomsebenzi wakhe ngemuva kokuthuthela eNorth West.

OLUNYE UDABA: Owesifazane,51, ongaboni kahle uphase uMatric

Lo dokotela mbumbulu wayehlola iziguli, azitshele ukuthi ziphethwe yini, bese ezidlulisela kodokotela balezo zifo, wayephinde asoke abantu besilisa akhiphe nemithi ngo-R280, kusho okhulumela amaphoyisa aseNoth West uCaptain Tlangelani Rikhotso esitatimendeni.

OKlebe babopha uMathopa ngoMashi 4, 2016 ngemuva kwesimangalo sokuthi wenza imisebenzi yobudokotela engenazo iziqu, kusho uRikhotso.

IHealth Professions Council of South Africa (HPCSA) yenza uphenyo, yakuqinisekisa ukuthi akayena udokotela obhaliswe ngaphansi kwayo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...